HLALANI NILINDILE!
IRussia Ihlasela I-Ukraine
Ekuseni ngovivi mhla ka-24 Febhuwari 2022, izwe laseRussia liqale ukuhlasela elase-Ukraine, naphezu kwemizamo yabaholi bamazwe amaningi yokuthi ingabi bikho le mpi. Le mpi ingase ibathinte kanjani abantu emhlabeni wonke? U-António Guterres ongunobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene, usho lokhu ezinsukwini ezimbalwa ezedlule: “Kunzima ngisho nokuyicabanga inhlupheko nomonakalo ozodalwa yilezi zinxushuxhushu, nendlela ezizokuphazamisa ngayo ukuphepha kwamazwe aseYurophu nakuwo wonke umhlaba.”
Izenzakalo ezinjengalesi, zinakuphi ukubaluleka ngokweBhayibheli?
UJesu Kristu wabikezela isikhathi lapho khona “isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso.” (Mathewu 24:7) Funda isihloko esithi “Siyini Isibonakaliso ‘Sezinsuku Zokugcina’ Noma ‘Ukuphela’?” ukuze ubone indlela iBhayibheli eliveza ngayo ukuthi izimpi zanamuhla zisigcwalisa kanjani isiprofetho sikaJesu.
Encwadini yeBhayibheli yesAmbulo, impi ichazwa njengomgibeli ogibele ‘ihhashi elibomvu njengomlilo, osusa ukuthula emhlabeni.’ (IsAmbulo 6:4) Funda isihloko esithi “Abagibeli Bamahhashi Abane—Bangobani?” ukuze ubone ukuthi lesi siprofetho sihlangana kanjani nezimpi ezikhona esikhathini sethu.
Incwadi kaDaniyeli yabikezela ubutha obuyoba khona phakathi ‘kwenkosi yasenyakatho’ kanye “nenkosi yaseningizimu.” (Daniyeli 11:25-45) Buka ividiyo ethi Isiprofetho Esigcwalisekile—Daniyeli ISahluko 11 ukuze ubone ukuthi kungani kuthiwa iRussia nabayisekelayo bayinkosi yasenyakatho. a
IsAmbulo sikhuluma ‘nangempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla Onke.’ (IsAmbulo 16:14, 16) Kodwa leyo akuyona impi ephakathi kwezizwe njengalena esiyibona manje. Funda isihloko esithi “Iyini Impi Ye-Armagedoni?” ukuze ufunde kabanzi ngaleyo mpi ezayo.
Kungani kungafanele ulahle ithemba?
IBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘uzoqeda izimpi emhlabeni wonke.’ (IHubo 46:9) Funda isihloko esithi “Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono” ukuze uthole okwengeziwe ngekusasa elithenjiswa uNkulunkulu.
UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuthi bathandazele ukuba uMbuso KaNkulunkulu uze. (Mathewu 6:9, 10) Lowo Mbuso uwuhulumeni wasezulwini ozofeza intando kaNkulunkulu ngomhlaba, intando kaNkulunkulu ihlanganisa ukuba kube nokuthula emhlabeni wonke. Ukuze uthole ukuthi lowo Mbuso ungakusiza kanjani, buka ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
Bangaphezu kuka-129 000 oFakazi BakaJehova abahlala e-Ukraine. Balingisa uJesu ngokungathathi hlangothi kwezepolitiki nangokwenqaba ukuya empini njengoba kwenza oFakazi abakwamanye amazwe. (Johane 18:36) Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova bayaqhubeka nokumemezela ukuthi ‘izindaba ezinhle zoMbuso’ ziyikhambi lezinkinga zesintu, kuhlanganise nezimpi. (Mathewu 24:14) Sicela uxhumane nathi ukuze ufunde okwengeziwe ngomyalezo weBhayibheli wethemba.
a Uma ufuna ukubona indaba ephelele ngalesi siprofetho, funda isihloko esithi “‘Inkosi Yasenyakatho’ Esikhathini Sokuphela” nesithi “Ubani ‘Inkosi Yasenyakatho’ Namuhla?”